Menu Close
1 Star2 Stars3 Stars4 Stars5 Stars (5 rating, 1 votes)
Loading...

Yek ubuhle bokumazi

1. Yek' ubuhle bokukholwa nguMsindisi wam'.
Ma kungaka dlul'ubusha bami;
Ngisemusha, ithambile inhliziyo yam'
Iyamthanda yen' uMhlobo wami.

Refrain

Yek' ubuhle bokumazi ebusheni bam',
Ukumthand' uJesu, uMsindisi;
Nxa ngimdala kudlulile konk' okuhle kwam'.
Umi name enguMthokozisi.

2. Yek' ubuhle buhle bokumkhonza ebusheni bam'.
Ukumsebenzel' uNkulunkulu;
Akadeli nokumkhonza okuncane kwam'.
Yena ungi ninga umvuzo 'mkhulu

Refrain

3. Njengenyoni engenasidleke,
Ngangizula ngindind' emhlabeni,
Nans' indawo, sengiyifumene,
Emthunzini wases'phambanweni.

Refrain

4. Inhliziyo yila ifumana
Ubumnandi bohando nomusa.
Nawe, mngane, uJes' usabiza:
?Woza kimi, ngiyokuphumuza.?

Refrain

Yek ubuhle bokumazi