1 Ungithand'uJesu wam',
Kusho iBhayibheli lam',
Wabagona kahle-ke
Abalethwa kuye,he!
UMsindisi wam'
Uyangithand,
Uyangithanda,
Uyangithand nam'.
2 Ungithand'uJesu nam',
Owathwal'izono zam',
'Kuze zipheliswe dwa,
Ngibe-mhlope ngithi qhwa!
3 Ungithand'uJesu nam',
Yena unguMhlengi wam',
Nxa ngimthanda khona la,
Ngobanaye laphaya.
4 Ungithand'uJesu nam',
'Khaya lakhe iingelam',
Futhi masinyane nje,
Wongilanda ngiye le.