1 Uyadlula ngokushesha;
Konje ubangephi na?
Uyayaz'indlele lena
Osahamba ngayo na?
Uyadlula,uyadlula,
Uya ezulwini na?
2 Uyadlula ngokushesha;
Lingemisw'ilanga,qha,
Liyaphuma,liyashona,
Awuyikushona na?
Uyadlula,uyadlula,
Awunakuhlala la.
3 Uyadlula ngokushesha;
Uyadlulelaphi na?
Ezulwini ungengene,
Ungaphendukanga,qha.
Uyadlula,uyadlula.
Wophenduka nini na?
4 Uyadlula ngokushesha;
Kusondel'ukufa,ha!
\Akumang'ungenathuna.\
Uyophepha wena na?
Uyadlula,uyadlula,
Akukheth'ukufa,qha.
5 Uyadlula ngokushesha;
Uyekelw'izono na?
Namhla yisikhath'esihle.
Ungesinde laphaya.
Uyadlula,uyadlula,
Ungesinde laphaya.