Nginguye odlulayo la;
Indlela emhlabeni,
Nokuba inhle, noma qha,
Iqonda ekufeni;
ngingekuvimbe la
Ukufa kwami, qha;
Nokuba ngibhekaphi-ke
Ngiqonda ekufeni.
Omethembay' uJesu la,
Uyaya ezulwini.
Noma ephila, noma qha,
Nokuba kungathini;
Akakwesabi la
Ukuf' uqobo, qha.
Ohamba nay' uJesu la,
Uyaya ezulwini.