1 Igazi lemihlatshelo
Yonke yabaJuda
Lalingeluqed' uvalo,
Lingesus' ukona.
2 Kodwa elikaKristu wo,
Elaphalazwa, ha
Lisusa zonk' izono bo'
Liqed' icala nya.
3 Ngokukholwa ngiyabeka
Isandla sami-ke
Phezu kwekhanda leMvana,
Ngivum' izono, he!
4 Sengiyamethemba lowo
Owanikelwa le
EGolgotha, ngezono zam;
Nezabantu bonke
5 Yilona liyithemba lam;
Ngongena ngalo-ke,
Ngohuba nesixuku nam;
Ngibonga lona nje.