Menu Close
(8 rating, 2 votes)

SESIZWILE

1 Sesizwile izindaba
Zombuso omkhulu,
Masidele okomhlaba,
Sam'kel' okwezulu.

2 Thina sonke simenyiwe
Ukuz' edilini,
Nengubo siyinikwe,
Ivel' eNkosini.

3 Masingabi namazaba,
Sizilandulele,
Sam'kele ngokwethaba,
Umem' olungcwele.

4 Ngoba uma sesingaba,
Ukuz' emthimbeni,
Idlule kithi lendaba,
Imem' ezizweni.

5 Iyogcwala indlu yakhe,
Kuvalwe emnyango.
Owudele um'sa wakhe,
Uphandle kwesango.

6 Lapho bazokhala, bethi:
\Nkosi, sivulele!\
Kepha yophendula ithi:
\Dedani, niye le!\

SESIZWILE