Menu Close
1 Star2 Stars3 Stars4 Stars5 Stars (No Ratings Yet)
Loading...

EMVA KWENSHUMAYELO

1 Nkosi yethu, sisizwile
Izwi lakho elikhulu;
Liqondile, lilungile,
Noma thina sizithulu.

2 Izwi lakho, Nkosi yethu,
Liduduza inhliziyo,
Livuthis' uthando lwethu,
Thina esilam'kelayo.

3 Makahlal' uMoya wakho
Enhliz'weni zethu zonke.
Sifundis' intando yakho
Ngezinsuku zethu zonke.

4 Masihlale sithandaze
Emakhay' emsebenzini,
Simkhumbul' osithandayo,
Osimela ezulwini.

EMVA KWENSHUMAYELO