Nang'uMsindisi uyanibiza,
Nina bantwana wonibusisa;
Nguye othanda ukunisiza,
Uthi: ?Zanini kimi?
Refrain:
Yek'inhlahla, yek'umusa bo!
Siyabizwa, singanqaba, pho!
Sesisondela kuMsindisi lo,
Osibizele kuye.
2.Bon'abezayo
Bayosindiswa, bayolungiswa,
Bayofundiswa, bayakuqcinwa,
Bojabuliswa, bonk'abezayo kuye.
3.Yeka umemo, luhle kakhulu,
Niyakuthol'umbuso wezulu,
Olungisiwe nguNkulukulu.
Nize kuJesu manje!