1 Intombazan'ethile
Ilele embhedeni.
'Bazali bakekhala,
Ngob'isisekufeni.
Bebon'izobashiya,
Ibizw'uMdali wayo,
Simebelwe ethuneni
'Sidumb'esihle sayo.
2 Uyise walomntwana
Wamphik'uNkulunkulu
Edela um'sa wakhe,
Nekhaya lephezulu.
Unina wayekholwa
KuJes',uMhlengi wakhe,
Wab'eyifundisile
Lentombazona yakhe.
3 Ngoluny'usuk'uyise
Ehlezi yedwa nayo,
Yazam'ukukhuluma',
Lincane izwi layo.
Yathi:\Sengonishiya,
Uyaf umzimba wami,
Kepha-ke woyangaphi
Umphefumulo wami?
4 Niyangingabazisa,
Ngiyakukholw'ikuphi?
NIYAPHAMBANA NINA,
nIYAKWETHEMBA MUPHI?
Umam' uphika izwi
NgelikaNkulunkulu\.
5 Wayesekhal'uyise,
Ngosizi eyitshela:
\Wokholw'akush'unyoko,
Uqinisile yena,\
Khona intombazana
Yathol'ukujabula,
Ethemba kuy'uJesu,
Yayisiwel umfula.
6 Wayefuman'uyise,
Noma esonosizi,
Umusa nokuthula
KuJesu uMsindisi.
Wabona konk'okunye
Kuyinkohliso yodwa.
Illlizwi elimiyo
NgalikaJesu lodwa.