1. O, Nkosi, ulidwala lami!
Kuwena ngiyonamathela;
Usekel' umphefum'lo wami;
Angisenakuthuthumela.
2. Masengiqhuzuk' edwaleni,
Ngofana nembaza yolwandle,
Namaqobolondo ogwini,
Omile, alahlwa ngaphandle.
3. Amaza ayangikhukhula
'Ma sengihlukana nedwala;
Ngokwami ngingenakwahlula.
Masinya ngiyakudangala.
4. Anginakuphila ngokwami
Ngifile, ngifanel' umlilo.
Ngiphelelwe ingagu yami,
Ngimunc' eNkosini impilo.
5. Ngibonga umusa nenhlanhla
Ushilo: Ozayo kimina
Ngomamkel', angiyikumlahla
Haleluya, uyongigcina!