1. Zanin' masihube kanyekanye
Ngal' uthando, ngal' uthando,
Anal' uYis' ebathand' abantu
Enikel' iNdodana.
Yek' uthando, yek' uthando
Anal' uBaba elithanda izwe!
Ubafuna, ubafuna
Abadukile 'kuba basindiswe.
2. Ukuba sibone loluthando,
Yeza yona Indodana,
Kwabalusizi nabadingayo,
Ethwal' okwab' ukona.
3. Uyabafun' abedukileyo,
Mus' ukuthi: ?ngiyakunce.?
Namhl' uyabizwa obhungukileyo,
Ukubuyel' ekhaya.
4. Nkosi, gcwalis' inhliziyo yami
Ngal' uthando olungcwele;
Khipha inzondo nenkani yonke,
Ngena uhlale khona.