(shall we gather at the river)
We, bathandwa, yek' inhlanhla
Yokukholwa uy' uJesu,
Nokuphathw' ezakh' izandla,
Asiyise ekhaya ngale.
Chorus
Kuzohlatshelelwa khona,
Basho; Haleluya, Haleluya!
Njengomfula kwohlokoma
Kudunyiswe iNkosi le.
Chorus
Emhlaben' izinhlupheko
Zithulis' ihubo Lethu,
Kodwa lapho zingasekho
Lophelela ihubo, ehe!
Chorus
Lapha njalo sihlukana,
Kuyavam' izinyembezi,
Kodwa lapho sohlangana,
'Zinyembezi zosulwa iNkosi'.
Chorus
Mangabikho osalayo
Mhla 'bangcwele beyobizwa
Nxa iNkosi ivalayo,
Angabikho ojabhayo, qha!

(16 rating, 4 votes)