Menu Close
1 Star2 Stars3 Stars4 Stars5 Stars (5 rating, 1 votes)
Loading...

WONGIGCINA NGCI

1 Mhla ngidinwa ngikhathele,
Ungigcine,Nkos'.
Mhla ithemba linciphile,
Mhla ithemba linciphile,
Ake ungigcine.

Wongigcina ngci,
Wongigcina ngci!
Yeka ububele bakhe,
Wongigcina ngci!

2 Mhla ngihlushw' izinkayhazo,
Ungigcine,Nkos'.
Mhla ngilingwa izilingo,
Ake ungigcine.

3 Nxa ngiphiwa okomhlaba,
Ungigcine,Nkos'.
Mhla ngilingwa 'kuzithemba,
Ake ungigcine.

4 Mhla ngilele ecansini,
Ungigcine,Nkos'.
Mhla ngishona ekufeni,
Ake ungigcine.

WONGIGCINA NGCI