Menu Close
1 Star2 Stars3 Stars4 Stars5 Stars (5 rating, 1 votes)
Loading...

Izithembiso zenkosi

1. Izithembiso zeNkosi yethu,
Ziqine zona kunezintaba.
Nxa ziwa izisekelo zethu,
Elayo izwi limi.

Izithembiso zenKosi yethu,
Ziqine kunezintaba la.
Ngokuba ziwa izinkanyezi
Zingew' izithembiso, qha.

2. Izithembiso, mxa ngihlangana
Nezinhlupheko, ngiphel' amandla,
Ishisa impi, ngizofumana
Impela zona zimi.

3. Izithembiso, nasekufeni
Ziyena zona, azijabhisi,
Kuzakukhanya nasengcwabeni,
EzikaJesu zimi.

4. Izithembiso, ekuvukeni
'Ngcwabeni yami ngizofumana,
Zazinganela ekumukeni,
Nasezulwini zimi.

Izithembiso zenkosi