1 WEN' ongabona konke,
Okhona lapha kithi,
Yibheke lendlu yakho,nathi,
Usithokhozise.
2 Babhaphathizwa lapha
Ukuba basindiswe,
Bonk' abamthand' uJesu Kristu
Benethemb' elihle.
3 Ubaphe lapha yena
Ukudla ikungcwele,
Bonk' abafuna lawomandla
Esiswela wona.
4 Kushunyayelwa lapha
Ukukhululwa kwazo
Izoni ezicela kuye
Ukuthethelelwa.
5 Ukhon' uNkulunkulu;
Uzakubabusisa
Abantu bakhe, abayis'
Ekhaya ezulwini.
6 Ngalokho masimbonge
UNkulunkulu wethu,
Okhona manje ozakuba-
Khona naphakade.
7 Simbong' uNkulunkulu,
Uyise nendodana,
Naye uMoya oyiNgcwele
Manje naphakade