1 Injabulo yenhliziyo yami
Inguwena,Jesu,Mhlobo wami.
Um'sa wakh'umnadi enhliz'weni
Kunemfuyo yonke emhlabeni.
2Mawungigiphe ukuqonda kwakho
Zonke izinsuku,ngibe nakho;
Ngenjabulo noma ngezinsizi
Ngisondezwe kuwe,O,Msindisi!
3Ngiyathanda ukukulalela
Ngenhliziyo yomke yam'impela;
Kepha kudingeka ungisize,
Nangamandla akh'ungiqinise.
Mhla ngiyakumuka emhlabeni
Ngingeniswe ekujabuleni;
Lapho kanye nabangcwele bonke,
Ngikubonge ngenhliziyo yonke.