Menu Close
1 Star2 Stars3 Stars4 Stars5 Stars (1 rating, 1 votes)
Loading...

Umzuzu noJesu

1. Umzuzu nay' UJesu
Uyaguqula njalo
Usizi nenkathazo,
Uyaluxosh' uvalo.
Ngingenwa ukwethaba
Noma ngimbheka-ke,
Ubuhle balomhlaba,
Ngishay' indiva nje.

2. Umzuzu nay' uJesu
Khangel' uthand' analo,
Ngilethe njalo kuye
Usizi nemithwalo.
Noma ngidinw' indela
Aphel' amandla nya,
Kuyongisiz' impela
Umzuzu naye la.

3. Sengathi ngibe-nawo
'Mihleni yonke yami
Umzuzu nay' uJesu
Ekuhambeni kwami.
'Kufisa kwami konke
Impele yikho-ke:
Kuze kube-phakade
Ngihlale naye le.

U

Umzuzu noJesu