1 Thabath'izandla zami,
Ungihole.
Qondis indlela yami.
Mangithole
Amandal 'okulandela
Ley'eyakho.
Ngisiz'ukulalela
Izwi lakho.
2 Enjabulweni yami,
Ngiphathe,Nkos'
Ebuhlungwini bami
Ngisize,Nkos'.
Njengob'ingan'ifika
Kunina-ke,
Kunjalo sengincika,
Nkosi,kuwe.
3 Nokub'indlela yami
Yofiphala,
Kuphel'amandla ami,
Wongithwala.
Thabath'ezam'izandla,
Phatha zona.
Khona ngawakw'amandla
Ngokubona.
UKUQHUBA IVANGELI
