1 Wemhlobo wethu,osewudlala
Nokufa,wo!
Phaphama manje ungabolala
Uzofa,bo!
Uyoshonaph'ekufeni na,
Lapho ubizw'ukumuka la?
2 Umuzw'uJesu, usakubiza,
Uze unje;
Ngomusa wakhe wokusindisa.
Lalela-ke!
Libamb'ithuba lanamhlanje,
Ngomusa ungaliswela,he!
3 Phenduka-ke endleleni yakho;
Phenduka,dwa.
Uhlanzwe nguye umoya wakho;
Ukuthi qhwa!
Umnike yonk'inhliziyo-ke,
Ungabomcisha indawo,he.
4 Usash'uJesu: \Ukholwe yimi\
Okunye qha!
'Nhiziyo yakho ingagijimi
Lapho na la.
Ukheth'inkos'ibe-yinye la.
Ungewakhonz'amabili,qha!