Menu Close
(No Ratings Yet)

Ngilapha Mfeli wami

1. Sengilapha, Mfeli wami,
Ngize kuwe, ngijabhile.
Siza, Jesu, Nkosi yami
Ngiyasindwa, sengifile!

Jesu, Nkosi yami,
Ngiyacela kuwe
Ungethul' umthwalo wami,
uMsindisi wami nguwe.

2. Sengilapha phambi kwakho,
Naz' izono ngizithwele;
Njengezithembiso zakho
Wena, ungithethelele.

3. Sengilapha, Jesu wami,
Ngiyabuka amanxeba;
Walinyazwa ngenxa yami
Naw' ameva, akudweba.

4. Sengilapha, Msizi wami,
Unomusa nobubele,
Woyekel' ukona kwami;
Ngoba wena ungifele.

Ngilapha Mfeli wami