1. Sengilapha, Mfeli wami,
Ngize kuwe, ngijabhile.
Siza, Jesu, Nkosi yami
Ngiyasindwa, sengifile!
Jesu, Nkosi yami,
Ngiyacela kuwe
Ungethul' umthwalo wami,
uMsindisi wami nguwe.
2. Sengilapha phambi kwakho,
Naz' izono ngizithwele;
Njengezithembiso zakho
Wena, ungithethelele.
3. Sengilapha, Jesu wami,
Ngiyabuka amanxeba;
Walinyazwa ngenxa yami
Naw' ameva, akudweba.
4. Sengilapha, Msizi wami,
Unomusa nobubele,
Woyekel' ukona kwami;
Ngoba wena ungifele.