1. Uyezwa, Nkosi, lapho sibubula
Usus' siz uvez ukujabula
Umos, mhla ekhala kuwe-ke,
Wamuzwa, wamvulel' ulwandle, he.
2. Uyezw' ukwenze lokhu bakucela,
Nxa lukhulil' usizi usondela;
Uphuthumel' osengozini la'
Awumkhohlis' othemba kuwe, qha.
3. Ushilo: ?Cela kimi osizini,?
Uthembekile, noma sekuthini;
Awungishiyi njengabanye, qha.
Mhla ngimukelwe konk' okunye la.
4. Kukuhle, Jesu, uma sithandana,
Nginal' ithemba nxa useduzane,
Kuwena ngingabeka konke, nya
Ngilungiselwa kahle kuthi pha.
5. Ngakho-ke sengithand' ukuku-bonga
Nezithembiso zakho ngozikhonga
Ngokudumisa njalo khona le,
Nxa ngimukile kulomhlaba, he.