1. Nkosi ngiyathokozela
Ukuzinikela kuwe,
Ngikukhonze, Mfeli wami,
Ngoba ngihlengiwe nguwe;
Kodwa ngiyabona kambe
Awuding' inkonzo yami,
Nokho mawungivumele
Ngikukhonze, Nkosi, name.
2. Abaningi bayazulu
Bedukile endleleni,
Ungithume, ngibafune,
Babuyel' esibayeni.
Nabaningi banosizi,
Nkosi, unginik' umuthi,
Ngibelaphe enhliz'weni,
Khona bojabula futhi.
3. Ungisize ngizidele,
Ngizinikel' abanye,
Njengokuba wena, Jesu,
Wawuzinikela kanye.
Yeka, injabul' enkulu
Ukuyilandel' iMvana,
Ngakho ungisize, Nkosi,
Ngilandele eduzana.
4. Nkosi, ungihole kahle,
Ngize kuwe embusweni;
Lapho ngiyaphumula,
Ngiyoncik' esifubeni,
Ngoba lapha emhlabeni,
Ngike ngezw' ukuphumula,
Okukhona kuwe Jesu,
OyiNkosi yokuthula.