Menu Close
1 Star2 Stars3 Stars4 Stars5 Stars (No Ratings Yet)
Loading...

LUYISIMANGA UTHANDO LOLU

1. Luyisimanga uthando lo',
Owangithanda ngalo bo.
Nguye osisindisayo.
Mdumiseni!

Uyangimangalisa,
UJesu uwangisindisa.
Uyangithokozisa,
Mdumiseni!

2. Lona lwahlula ingqondo yam'
Ngoba ngathandwa ngalo nam'
Ngakh' utholile konk' okwam'
Mdumisen'!

3. Ngalo wathwal' izono zam'.
Ngesiphambano ngenxa yam',
Ngalo waqed' icala lam'.
Mdumisen'!

4. Ngalo ngondliwa njalo nam'
Luyavuthis' uthando lwam'
Luyakhulis' ithemba lam',
Mdumisen!

LUYISIMANGA UTHANDO LOLU