Menu Close
1 Star2 Stars3 Stars4 Stars5 Stars (6 rating, 2 votes)
Loading...

Kanye nawe

Namhla ngiyaqhutshw'umoya
'Kuthandaza, Nkosi yami
Ngiyacela, mangihambe
Kanye nawe Nkosi yami.

Refrain

Kanye nawe, Nkosi yami,
Kanye nawe, Nkosi yami,
Mangihamb'imihla yonke
Kanye nawe, Nkosi yami.

Refrain

Angifun'eyam'indlela,
Mayiphel'intando yami.
Mangihambe mina kodwa,
Kanye nawe Nkosi yami.

Refrain

Angifisi yon'imfuyo
Ize kimi, Nkosi yami.
Ngicebile he kakhulu,
Nxa ukimi, Nkosi yami.

Refrain

Nom'indlela inohlupho
Noma inde, Nkosi yami
Noma iya eGolgotha
Ngiye nawe Nkosi nyami.

Refrain

Lilungil'ijokwe lakho,
Awuhluph'umthwalo wami.
Ngiyabonga ngisahamba
Kanye nawe Nkosi yami.

Kanye nawe