Menu Close
(No Ratings Yet)

Ilanga Liyakhanya

1 ILANGA liyakhanya;
Sicela kuwe, Baba
Khanyisa inhliziyo,
Sihole endleleni.

2 Mazibe-kude nathi
Izinto zonk' ezimbi;
Ulimi luthambise,
Thandisa inhliziyo.

3 Yilinde impi yethu
Ehlasela thina;
Wovimba iminyango
Yokuzwa kwethu, Nkosi!

4 Konk' esikubonayo,
Nokungabonwa nakho,
Kuhlala kudumisa
Kubong' igama lakho.

5 Malwand' udumo lwakho
Ngokusebenza kwethu,
Kusasa, nasemini,
Kuze kube-kusihlwa.

Ilanga Liyakhanya