1 Bongani igama leNkosi enkulu,
Ngasesigodini naphezu kwentaba.
Bakithi,qhuban'iVangeli elihle,
Ukuba abantu bayizwe lendaba!
Uthando lweNkosi lufana nomfula,
Nomusa uhlezi,awunakudlula
2 Bongani iMvana,yafela izoni,
Yangen'ethuneni yavuk'enqobile;
Yenyuka phezulu,yobuya ibuye
\kumisa umbuso,laph'esefikile.
3 UJes'uMsindisi unibusisile,
Ningabozikhohlw'izibusiso zonke;
Nam'kele kuyena izinto eziningi,
Ngalokho mbongeni,bakholwayo bonke.
4 Nizibonge zonke izipho ezinhle,
Impilo emiyo evela phezulu;
Niphiw'ukuthula nokulunga kwakge,
Ngakho nimezele udum'olukhulu.