1 BABA, sewungowam'
Ngizinikile la
Kuwe wedwa.
Wen' ungaluse,
Wen' ungifunze
Ungibonise la,
Nakho okwam'.
2 Ngiyazethula, Nkos;
Umphefumlo wam;
Nomzimba lo;
Nakh' ukuqonda kwam;
Nakh' ukuthanda kwam':
Makukhonjiswe ngqo
Nguwe wedwa.
3 Busa izandla zam'
Naz' izinyawo zam;
Wena wedwa.
Bus' inhliziyo yam;
Yon' ingumthombo wam'
Wakh' ukuphila kwam;
Busa kuyo.
