1 Vuthelani icilongo,
Nina, bantu bakhe,
Itilongo lezwi lakhe,
Li hlokomiseni.
2 Ma li hambe ivangeli
Elizweni lonke,
Li ze lamukelwe lona
Abakiti bonke.
3 Vuthelani icilongo,
Nina, bantu bakhe;
Mali zwiwe izwi lalo
Ngaba ngakali zwa.
4 Vuthelani icilongo,
Nina, bantu bakhe;
Mali hambe izwi lakhe
Ngokushesha konke.
5 Naz' izizwe ezi kude
Mazi lazi lona;
Zikonjiswe ko nguJesu,
Zimu tande yena.


(10 rating, 3 votes)