Menu Close
(No Ratings Yet)

Yizwaningi, Nginitshele

YIZWANI, nginitshele
NgoThixo,nobubele,
Nokusithanda kwakhe
Ngay' iNdodana yakhe.
Sazalwa ezonweni,
Sabanjwa ekufeni,
Kwabekungekh' umuntu
Ukusindis' abantu.

2 UThixo wasibona
Sihlezi sinokona;
Wabanosizi ngathi,
Wasiphuthuma futhi.
Wathuma uMntanakhe
Kithina 'zitha zakhe
Ez'ukusisindisa.
Wez'ukusisindisa.

3 UJesu wasifela,
Emthini olihlazo;
Wathath' ubuntu bethu
Nas' isikhundla sethu,
Kungamanxeba akhe
Nangemivimbo yakhe
Abantu babusiswa
Aboni basindiswa.

Yizwaningi, Nginitshele