1 Yizwani izindaba,
Yizwani boni nonke
Eni lap' emhlabeni,
Ezindaweni zonke;
Kuzwiwe ngaphezulu,
Kuzwiwe na ngaphansi;
Masizwe nesitulu,
No senhla no senzansi.
2 Wabuba uMkhululi,
W'a cit' igazi lakhe;
W'a fela abaphuli
'baphul' umteto wakhe.
Be ngona nge'nto zonke,
Noko wangisindisa;
Ungiyekele konke,
Ngakho Ngiyam dumisa.
3ngiswele imilomo
I be inkulungwane
I bonge ngenhlokomo
Umusa nobunene;
Ngisize, Nkosi yami,
Ngitshel' izizwe zonke
Ukuthokoza kwami,
Kubong' abantu bonke.
4 Igama lakho, Jesu,
Li mnandi endlebeni;
Umusa wakho, Jesu,
Umnandi enhliz'yweni.
Kubonga Obe khala,
Kuvuka Obefile,
NgoJesu basindile,
NgoJesu bavukile.

