Menu Close
1 Star2 Stars3 Stars4 Stars5 Stars (No Ratings Yet)
Loading...

Woza, Moya OyiNgcwele

1 Woza,Moya oyiNgcwele;
Woza,mawungene kithi.
Thina sesikunxanele,
Siziwele wena futhi.

Refrain:
Moya oyiNgcwele,
Mawungene kithi;
Thina sesikunxanele
Sizizwele wena futhi.

2 UnguMoya wab' ubomi,
Obuvela bungadalwa;
Kodwa thina singaboni
Sinokufa ngokuzalwa. – Refrain

3 Wena, Moya uthulisa,
Uphumuza inhliziyo,
Thin' abantu siyafisa
Asithuli, sinyakaza – Refrain

4 Wena, Moya wokuthanda,
Kade wenza ububele,
Izeduko zethu zanda,
Uthando lonakele. – Refrain

5 Moya oyiNgcwele,yiza
Ukusigcwalisa sonke,
Siyacela,siyabiza
Lezozipho zakho zonke. – Refrain

Woza, Moya OyiNgcwele