1 Izinyoni zinezindlu zazo
Lapo zingathokomala khona,
Nempungushe zinem'godi yazo,
Ziyabaleka kuyo zona.
2 Kodw'iNkosi yamakhosi,yona
Yayingenandawo yokuhlala;
Kwathi nxa ilanga selishona,
Wayeding'indawo yokulala.
3 Nom'abany'abantu sebelele
Ebusuku bonke emhlabeni,
Wafunyanwa ebathandazele
Ebusuku bonke entabeni.
5 Noma s'ngabampofu emhlabeni,
Sikhumbule ubumpofu bakhe;
Soduduzwa ngakho enhliz'weni,
Uyezwana nathi ngomsa wakhe.
