1 UPHILILE uMsindisi,
Uphilile yena;
Sijabula thina 'zoni,
Uphilile yena.
2 Kad' efile uMsindisi,
Kad' efile yena;
Wabulawa ngenxa yethu,
Wabulawa yena.
3 Wenyukela ezulwini,
Wenyukela yena;
Uyathandazela thina,
Uthandaza yena.
4 Uyabusa uMkhululi,
Ubusela thina;
Sisindiswe ezonweni,
Sisindile thina.
