1 THANDAZAN' imihla yonke
Kuye onezinto zonke,
Onibusisayo;
Bonganini umusa wakhe,
Nicel' ukulonda kwakhe,
Enikudingayo.
2 Thandazani ngokukholwa,
Musanini ukubonga
Ngezindebe zodwa;
Thandazani ngenhliziyo
KuJehova onaziyo;
UyiNkosi yedwa.
3 Khulekani egameni
LikaKristu. Mubongeni
Owasifelayo.
Thina singcolile, kodwa
Kuligazi lakhe lodwa
Elisihlanzayo.
4Umthandazo uligugu,
Wulondeni,'he, kakhulu,
U'kuphila kwenu;
Ungukudla komphefumlo,
Niyazuza ngomthadaz
Ukuqina kwenu.
