Menu Close
1 Star2 Stars3 Stars4 Stars5 Stars (No Ratings Yet)
Loading...

SOPHATHA IZINYANDA

1 Tshala ekuseni,tshal'imbewu yezwi,
Tshala nasemini,tshala ngoku-thanda.
Ubhek'ukuvuna,mhla sobizw' iNkosi,
Ngomhla wenjabulo,sizophath'in'yanda.

Sizophath'in'yanda,
Sizophath'in'yanda,
Ngomhla wenjabulo,
Sizophath'in'yanda.

2 Tshala emthuzini,tshala elangeni,
Ungasab'amafu,noma ngabanda;
Sonce sigoduke,Kuphel'umsebenzi,
Ngomhla wenjabulo,sizophath'in'yanda.

3 Nom'izinyembezi zomathis' imbewu,
Iyomila kahle,yebo,iyakwanda.
'Zinyembezi zakho ziyosulw' iNkosi,
Ngomhla wenjabulo,sizophath'in'yanda.

SOPHATHA IZINYANDA