1 SIYACELA kuwe, Jesu,
Yiba-nathi kulendawo;
khona sisendlini yakho,
Woza njengokusho kwakho.
2 Wathi, Lapho behlangene
Ababili nabathathu.
Bebhuthene ngezwi lami,
Ngoba-khona nabo nami.
3 Thina siyethemba kuwe,
Njengelizwi lelo lakho,
Yizwa umthandazo wethu,
Siphe ubusiso lwakho.