1 NKOSI, ngawo umsa wakho
Bona umphefumlo wam';
Ngiguqile phambi kwakho;
Susa zonke' izono zam',
2 Baba, kade ngedukile;
Ngingalaz' icala lam',
Ezonweni ngangifile;
Susa zonke' izono zam'
3 Wena unomusa wonke,
Kade wancengana nam';
Kade wangibiza, ngala;
Susa zonke' izono zam'.
4 Ngimuzwile uMsindisi
Owathwal' icala lam'.
Ngidiniwe, ngibuyise,
Susa zonke'izono zam'.
5 Jesu, ngibuyela kuwe.
Nabo bonk' ububi bam'
Ngamukele ngomsa wakho.
Susa zonk' izono zam'.