1 NGOSUKU lokwenyuka
Sibong' uNkulunkulu
NgeNkosi yeth' uJesu,
Engena ezulwini.
2 Wayezithobisile
Ngokuza kwakhe kithi,
Wafel'izono zethu
Ukuba asihlenge.
3 Wavuka elibeni
Ebonakala futhi,
Wabafundis'abantu
Ngebandla elingcwele.
4 Kwath'ub 'eseqedile,
Wenyuk' enobukhosi,
Izulu lavuleka,
Wangena enguMnqobi.
5 Uhlez' ebukhosini,
Ukhonzw' izingelosi,
Nakho uyabamela
Abantu bakhe bonke.
6 Masimlandele njalo,
Silapha emhlabeni.
Ukuba ezulwini
Sihlale njalo kuye.
