Menu Close
1 Star2 Stars3 Stars4 Stars5 Stars (No Ratings Yet)
Loading...

Ngithemba igazi

1. Thatha, Nkosi, inhliziyo,
Uyihlanzisise kahle;
Inngcolile, idukile
Naz' izono zithi phahle.

Sengethemb' igazi lakho
Elaphalazelwa thina
Esiphambanweni sakho,
Lingihlanzisisa mina.

2. Onk' amanzi aselwandle,
Naz' ingazi zonk' ezinye,
Zingegez' izono zami,
Ngisho noma siba sinye.

3. Konke ukuzama kwai,
Ukushiya nokuyeka,
Kanye nem'sebenzi yami,
Konke lokho kohluleka.

4. Zonk' izinyembezi zami,
Ukukhala nokucela
Kungezihlangul' izono;
Azivumi ukuphela.

Ngithemba igazi