1 Ngiqhutsh' nguMoya namhla
Ongaphakathi kwam',
Ngiqhutshw'ukuzihlola
Ndenxa yenkonzo yam',
Ngishesha ngikhuluma
Emthandazweni wam',
Ekukhonzeni kwam
2 Noma ngihub' igama,
Kungath' umkhuba nje,
Ngijabulis' inyama
Ngomsind' oyize nje.
Ngisize nxa ngihuba,
Wen' oMkhumbuzi wam',
Ngikond' amazwi njalo
Ekuhubeni kwam'.
3 Ngicel' ukuba ngizwe,
Nxa ngisemthandazwe',
Ukuth uMoy' oNgcwele
Enxusa enhliz'wen';
Mangikhonjiswe nguye
'Kukhonz' iNkosi yam'.
Ngiqhutshwe, Ngikhutshwe,
Ekukhonzeni kwam'.
