1 Nginomhlobo onothando,
Haleluya!Ngiyamazi.
Wangifek' es'phambanweni
Wangihlanza ngal'igazi.
Haleluya!Nginomhlobo,
Ungiyisa ezulwini.
Ungiphatha endleleni,
Ungigcina ekhwapheni.
2 Lothando loMsindisi
Lukhanyis' indlela yami,
Lufuyisa inhliziyo,
Luqhelis'ikhanda lami.
3Lowomhlob' uhlezi nami,
Yebo,nhliz'weni yami.
Nguye ongithokozisa.
Sengihuba ngaye nami.
4Lowomhlobo unamandla,
Usehlez'ebukhosini,
Uyabus'umhlaba futhi,
Noma esezulwini.
5 Nawe mangane,huba ngaye,
Ngoba ungumhlobo wakho;
Nxa umncenga,uyovuma
Ukungen'ekhaya lakho.