Menu Close
1 Star2 Stars3 Stars4 Stars5 Stars (No Ratings Yet)
Loading...

Ngaphesheya

1. Ngom'sa wakh' omkhulu, uyosiholela
Embuswen' wezulu, ngaphesheya;
Nom' indlela yakhe idin' umntanakhe,
Iy' ekhaya lakhe, ngaphesheya.

Refrain

Ngaphesheya, ngaphesheya,
Siyakuphumula, siyakujabula,
Ngaphesheya, ngaphesheya,
Nxa sifik' ezwen ngaphesheya.

2. Nom' usiholela nasehlan' elibi,
Wosiphumisela ngaphesheya.
'Mlilo ukhanyisa, nefu lisithisa,
Konke kusiyisa ngaphesheya.

Refrain

3. 'Nkosi yamakhosi iyosiholela,
Kwelivam' inyosi, ngaphesheya.
Siyokudl' emthini, siphuz' emanzini,
Sohub' eNkosini, ngaphesheya

Refrain

4. Sesithemba, sithi: Uyosiholela,
Size kwelakithi, ngaphesheya;
'Jesu wosiphula mhla sowel' umfula,
Khona sizocula, ngaphesheya.

N

Ngaphesheya