1 MANGIYENZE indumiso,
ENkosini yensindiso;
Ingenzele intabiso;
Ngiyabonga, Mfeli wami.
Ingenzele intabiso;
Ngiyabonga, Mfeli wami.
2 Bengikhona ezonweni,
Bengibanjwe ecaleni,
Bengiqonde ekufeni;
Wangikhipha, Mfeli wami.
Bengiqonde ekufeni;
Wangikhipha, Mfeli wami.
3 Wangizwisa izwi iakho,
Wangibiza ngomsa wakho,
Ngizengib' umuntu wakho,
Ngisindiswa, Mfeli wami.
Ngize ngib' umuntu wakho,
Ngisindiswa, Mfeli wami.
4 Wangikhipha osizin',
Wangibeka ebomini,
Sengisinga ezulwini,
Ngomsa wakho, Mfeli wami.
Sengisinga ezulwini,
Ngomsa wakho, Mfeli wami.
