Menu Close
1 Star2 Stars3 Stars4 Stars5 Stars (No Ratings Yet)
Loading...

Jesu Ngangikulahlile

1 JESU,ngangikulahlile,
Kanti wena ungifele.
Ngize namhla ngijambile;
Mawuphinde ungamkele.

2 Angisacabang' ukuthi
Ngifanele ububele;
Nokho ngiyakhala ngithi,
Mawuphinde ungamkele.

3 Nginezono ezinkulu,
Namhla zingibandezele.
Ngiyabheka ngaphezulu;
Mawuphinde ungamkele.

4 Konke lokhu ngikwenzile,
Kubi, sengikujambele;
Nkosi yam; ngiqinisile,
Mawuphinde ungamkele.

5 Nkosi Jesu, ngiyakhala,
Mawuze ungiduduze.
Ngililel' elam' icala;
Mawuphind ungamkele.

Jesu Ngangikulahlile