1 HUBELANI eNkosini!
Yiyo eyasifelayo!
Nina nonke, bonganini!
Niyikhonz' ethandekayo!
Refrain:
Hubanini! Ungomkhulu
Osenzela intabiso!
Yi' iNkosi ephezulu
Esiphile insindiso!
2 Yiyo eyazinikela,
Isikhiphe ekufeni;
Yiyo eyathol' indlela
Isihlanze ekoneni.- Refrain
3 Yiyo esihlawulela
Ngokuhlenga okukhulu!
Yiyo esilungisela
Ifa elingaphezulu! – Refrain
4 Nayo isithemisile
Njalo izosisindisa;
Nathi futhi, sesizwile,
Njalo izosibusisa. – Refrain
5 Sesiyalangazelela
Isikhathi esizayo
Lapho iyakubehlela
Labo abasindiswayo. – Refrain
