1 Silima,sihlwanyela
Imbewu emhlathini;
Kunguy'uNkulunkulu
Olinda ezulwini.
Ufudumez' umhlaba,
Oleth'imvula futhi
Kumila kahl' ukudla,
Simbonga njalo sithi;
Zonk'izipho lezi,
Zivela ngaohezulu.
Ibongw'iNkos',
Ibongw'iNkos',
Ngothando olukhulu!
2 Nguyena onguMenzi
Wezinto,noma ziphi;
Uyahlobis'imbali,
Wokhela ucwazibe,
Amaza amalalela,
Uzondla izinyoni.
Kakhul'abantu bakhe,
Bangayiswela ntoni?
3 Sesikubonga, Baba,
Ngezint'ezinhle zonke,
'Kutshala,nokuvuna,
Nokudla,nakho konke,
Zam'kel' izipho lezi,
Kuncan'esikuphayo,
Thath'inhliziyo yethu,
Iyon oyifunayo.
