1 Sesiyahlukana nani,
Kumbe singasabonani,
Hambanini kahle kahle,
Um'sa wakhe uniphahle.
2 Inhliziyo idabuka,
Ngoba nina niyemuka;
Kepha asinakunqaba,
Kuhlukanwa kulomhlaba.
3 Lapho senihamba khona,
'Nkosi ibe-nani yona,
Inilonde endleleni,
Inigcine esandleni.
4 Masikhumbulane njalo
Ngomthandazo ngokombalo
Sihlangene emoyeni,
Nxa sihlala othandweni.
5 Naphakade sobonana,
Abangcwele bohlangana
Mhla uJes' ebuth'abakhe,
Khona ezulwini lakhe.
6 Siyaphinda sisho futhi,
Lelilizwi elokuthi:
\Hambanini kahle kahle,
Um'sa wakhe uniphahle.\
