Tune:Yimani isibindi
1Xwayani ubutshwala,
'Zinhlobo zabo zonke!
Konk' okudakisayo
Uhlobo lunye konke.
Bunjengenomfi bona,
Abantu abaningi.
2 \Ungalibhek'iwayini:
Lohlab'okwebululu\.
Ilizwi lisho njalo
ElikaNkulunkulu.
Oyiphulul'inyoka,
Wokhala,ethi:\Maye!\
La'ipheqez'ikhanda
Isuke-ke imshaye.
3 Isiga sisho futhi:
\Isala ukutshelwa\.
Sobona-ke ngomopho
Ozenza kakhalelwa\.
Ehene,uyahlekwa
Umuntu odakwayo;
Wenzile ngamabomu,
Nguyen'ozidlisayo.
4 Buyamaphuc' umuntu
Imfuyo yonke yakhe;
Buphehl'umongo wonke,
Buqed' umqondo wakhe.
\Zidakwa zingelidle
Ilifa laphezulu.\
Liyanqamula juqu
ElikaNkulunkulu.
