1. Mawuthi, Nkos', ukumukele
Ukukubonga kwami-ke.
Lapho ngalahlw' icala lami,
Wawuse ungimela, he.
Wawuse ungimela, he.
2. Kungangibonge ngezilimi
Ez'izinkulungwane la:
Nakhona le, kumbe ngipheze,
Kuze kube nanini na?
Kuze kube nanini na?
3. Sengahluliw' uthando lwakho,
Yathamba inhliziyo yam',
Ngiyanxanel' ukub' owakho'.
Sekuphelil' ukwala kwam'.
4. Uma uhlala kimi, Nkosi,
Angisafis' okunye, qha.
Ngithand' u'ba ungenz' esakho
Isitsha esimhlophe, pha.
Isitsha esimhlophe, pha.
5. Mangimi nawe, umi name,
Ngize ngimuke emhlaben',
Ikhona wonyenyeza uthi:
?Ngizoba nawe ekufen',?
?Ngizoba nawe ekufen',?
