1 HAWU, Jehova, sengonile,
Ngenicala phabi kwakho;
Uma ngifa ulungile,
Kepha ngiphe umsa wakho.
2 Mina angikuthandanga,
Nkosi' enkulu, Menzi wami;
Ngedukile, ngenz' amanga,
Ngokuhamba konke kwami.
3 Ngiza, Baba, sengibuye;.
Yiba-nomsa, Nkosi yami!
Inhliziyo mayisinde
Inhliziyo embi yami.

